Isicelo sokuba ngumkhoseli obaleke kwelakubo yenziwa ngumenzi wesicelo ukuba emukelwe njengodinga isiphephelo.
Ocela ukukhosela ngumuntu obaleke kwelakubo izwe ngenxa yokwesaba ukuhlukunyezwa , nakhona ofuna ukwamukelwa njengodinga isiphephelo . kulesi simo eNingizimu Afrika. Umenzi wesicelo ngodinga ukukhosela ngesikhathi isicelo sakhe kusabhekwana naso.
Odinga ukukhosela unikezwa imvume engeke yavuselelwa yokukhosela endaweni okungenwa kuyo eNingizimu Afrika . Imvume ngeyezinsuku ezingu-14 nakhona igunyaza onayo ukubika endaweni eyamukela ababaleki ebizwa ngokuthi yi-Refugee Reception Office eseduzane ukuze enze isicelo sodinga ukukhosela.
Umuntu odinga isiphephelo onikezwe isimo sokuba ngodinga ukukhosela kanye nokuvikelwa ngokulandela umthetho obhekene nabadinga ukukhosela we-Refugee Act, 1998.
Kuprintwa imvume yodinga ukukhosela, isayinwe, ifakelwe isitembu ebese ikhishelwa odinga ukukhosela.
Imvume esebenza izinsuku ezingu-30, izovumela odinga ukukhosela ukuhlala eNingizimu Afrika isikhashana. Imvume inganwetshelwa ezinye izinsuku ezingu-30 ebese ezinyanga ezintathu.
U-RSDO uyaqhubeka nokwahlulela udaba lwesicelo kanye nokuthatha isinqumo maqondana nesicelo sokukhosela.
Isimo sokuba ngodinga isiphephelo sisebenza iminyaka emibili, kodwa odinga isiphephelo kumele abhale incwadi ecela ukubuyekezwa noma ukunwetshwa kwesimo sakhe sokumba ngodinga isiphephelo, ezinyangeni ezintathu ngemuva kokuba kuphele isikhathi saleyo mvume yodinga isiphephelo.
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisithupha.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
